Udlame lwasekhaya noma ukuhlukumeza kusingethwe wuMthetho Wodlame lwaseKhaya kanti futhi usebenza odlameni lwasekhaya kulabo abanobudlelwane ekhaya.
Othile onengane naye.
Yisiphi esinye isenzo sokuphoqa noma ukuhlukumeza okungadala umonakalo ekuphepheni kwakho, empilweni noma enhlalonhleni yakho.
Vula icala lobugebengu esiteshini samaPhoyisa ubuye ufake isicelo somlayelo wokuvikelwa.
Wumlayelo okhishwa yinkantolo ngenxa yesicelo sakho sokuphoqa umuntu othile onobudlelwane basekhaya naye, uphoqe ukuba apheze ukuhlukumeza futhi uvimbe ukuthi lowomuntu angatholi usizo komunye ukuqhuba isenzo sokuhlukumeza.
Umlayelo wesikhashana wokuvikela ungakhishwa emini noma ebusuku ukukuvikela engozini.
Uyokwaziswa ngamalungelo akho nangezinyathelo ongazithatha.
Siyogcina ikhophi yencwadi yokuVikela bese sigcina namalekhodi azo zonke izigameko zokubopha okwenzeka kamuva.
Siyobhala isikhalo sakho kuLejista yeZigameko esiteshini njengenye ingxenye yobufakazi bokuthi walubika udaba - lokhu kuyoba ngobunye ubufakazi bokusisiza lapho senza umbiko ngenqubeko yecala.
Siyopetulula ekhaya, sidle noma yiluphi uhlobo lwesibhamu olungatholakala kumuntu okwesabise ngokukubulala noma ukukulimaza. Siyokwenza futhi lokhu uma senelisiwe wukuthi umqondo noma umcabango womhlukumezi, ukuziphatha nokuthanda izimo zodlame, utshwala noma izidakamizwa kungaholela ekulimaleni komunye umuntu.
Nokweluleka umuntu ohlukunyeziwe.
Nezikhathi okutholakala ngazo lolusizo oluchaziwe.
Siyoqikelela ukuthi isisebenzi sokuhlenga siqoqa futhi sibhala bonke ubufakazi bempilo obuyoba yingxenye futhi beseke icala lobugebengu elingabakhona.
Siyokuphelezela lapho sewuya ekhaya ngesikhathi sewuyolanda izimpahla zakho, uma isinqumo sokukuvikela esikhishiwe sikuhlinzekela lokhu.
Uma iphoyisa lingalandeli lezi zibophezelo, bika udaba kuKhomishana wesiteshi samaPhoyisa.
Siyothumela nyanga zonke imibiko yezikhalo ethweswe amalunga ombutho wamaphoyisa iqondiswe eKomkhulu lombutho wamaPhoyisa.
Uma ulengela engozini maduze, umhlukumezi uyoboshwa. Uma kungenangozi, lowo ohlukumezayo uyonikwa isaziso sokuvela phambi kwenkantolo ngosuku olulandelayo.
Uma kwenzeka, yiba nezinye izimpahla zakho (nezingane) ezihlala zipakiwe bese uzigcina endaweni ephephile (isibonelo, kwamakhelwane).
Qikelela ukuthi uziphethe zonke izincwadi ezibalulekile njengomazisi, ikhadi lakho lasemtholampilo, ikhadi lemali njalonjalo.
